Via Afrika Idrama YesiZulu Ulimi lwasekhaya: Untombazi

R156.90

Lona ngumdlalo omude ngomlando wobukhosi bakwaZulu. Lokho kugqanyiswa isizinda sangempela, abalingiswa abakhona, abantu asebeke baphila futhi abawuzalo lwasebukhosini, sisho oShaka, oZwide, oDingiswayo, oNandi kanye nabanye. Lo mdlalo ungumgogodla womlando nolimi lwesiZulu.

View Cart
ISBN: 9781415448588
Categories: , , ,

Description

Le ndaba yenzeka ngeminyaka yawo-1800, indaba igxile kumlingiswa onguNdlunkulu uNtombazi wesizwe sakwaNdwandwe, osebenzisa amaqhinga kanye nobuthakathi emizamweni yakhe yokwenza indodana yakhe uZwide ukuthi abe yinkosi enamandla kunawo wonke.

UNtombazi uyaziwa ngokubulala amakhosi awanqume amakhanda bese ewaphanyeka elawini lakhe. INdlovukazi yamaNdwandwe ibulala ngempumelelo amakhosi abakhelene nawo. Lapho ibulala iNkosi uDingiswayo wesizwe sakwaMthethwa, ihlokoloza isidleke seminyovu. INkosi uShaka wesizwe samaZulu igasela kungalindelekile izophindisela ukuchithwa kwegazi lomsebe wokugcina wamakhosi aphemba uxolo, iNkosi uDingiswayo wakwaMthethwa, owamkhulisa. Kuba uqhude manikiniki, zindala zombili lapho kutholana phezulu amabutho akwaZulu kanye nawakwaNdwandwe. Kazi iyozala nkomoni!